
The episode discusses the challenges and emotional struggles faced in a marriage, featuring insights from a marriage and relationship expert.
Ngicela ungifihle, ngashada ngimncane ngisebenza kahle ngiziphethe kahle. Ngangena emshadweni ngingenangane, ngashada nendoda enezingane eziyisihlanu kodwa yayingifihlele ngazo ngathola siqeda ukushada. Umyeni wami wayebamba eyeka ngemisebenzi yama tender, kuyimi omise ikhaya ngezidingo zanyanga zonke yena engafaki ngisho isenti elimnyama. Bengizama ukubekezela, ngaqhubeka ngamthanda futhi 5 min ngimhlonipha noma engangitshengisi thando kimi, ngibekezele ngisho engishiya ngedwa sengikhulelwe ahambe amasonto engabuyi ekhaya kodwa ngahlala ngoba ngimthanda. Usevele wavuka nencane intombazane wangishiya kanjalo nengane wayokipita. Kubuhlungu mam Khoza angazi ngokuthi ngizenze njani ngoba iminyaka ewu 23 akuyona into encane, ngicabanga indlela ebengizinikele ngayo kulomshado, bengiphilela uku impresa umyeni ngimthanda ngaphezu kokuzithanda mina kodwa usevele wangishiya kanjalo. Kubuhlungu ngikhala ngizithulise, njalo ngivuka umcamelo umanzi ngoba lomuntu ubeyikho konke kimi kwazise angisenabo nabazali … GUEST - Mgabe Magabaza, Marriage & Relationship expert and a Therapist
Explore listener stats, chart rankings, contacts and more on the Jabulujule 9 -12 podcast page.